English | Zulu | Xhosa | Sesotho | Setswana
UYATHANDA UKUSHEFA

Landela imigomo emi 4

  1. Lungiselela isikhumba ngethawula elifudumele (eliswakeme)

  2. Sebenzisa ujeli noma enye yezigcobo ukuthambisa intshebe.

  3. Shefa ngokuhambisana nokukhula kwezinwele ngaphandle kokunweba isikhumba.

  4. Sebenzisa i BUMP TARGET (esetshenziswa lapho kuhlukemezeke khona) noma i BUMP SHIELD (esetshenziswa kuyo yonke indawo lapho ushefekhona) emva kokushefa.

Amacebo aphambili ngemiphumela yokushefa

  • Ungasebenzisa ngokushintshana i BUMP TARGET ekuseni emva kokushefa bese usebenzisa BUMP SHIELD ebusuku ukuze ulwe nezinwele ezinenkani ezimila ngaphansi kwesikhumba.

  • Uma usazithola usenenkinga yamaqhubu kanye nezinwele ezimila ngaphansi kwesikhumba, ungagxili ekushefeni eduze. Kunalokho sebenzisa i razor eyodwa engezukushefela phansi kakhulu.

  • Hlikihla ubuso bakho ngethawula lobuso elihayayo ngaphambi kokuba ugcobise i BUMP SHIELD noma i AFTER SHAVE, njengoba lokhu kusiza ekuxegiseni izinwele ezimpintshekile.

  • Gcina i razor yakho ihlanzekile futhi uyihlambulule ngamanzi ashisayo.